![ZULU BIBLE VERSES7.png](https://images.hive.blog/768x0/https://steemitimages.com/DQmcUMFr1i6wJVtz5vs4hm3yPw4nsZzx1EYchpZc2ByUQfW/ZULU%20BIBLE%20VERSES7.png)
Deuteronomy 30:11-14
Izwi leNkosi limbulekile lashicilelwa ngolimi olusobala ukuze kungabi nokukhalaza ngokuthi libukhuni aliqondakali.
Makesibheke izindawo eziwu - 7 lapho Izwi litholakala khona.
Izwi leNkosi alifihlakele kumuntu
Alikho kude
Alikho ezulwini kuphela
Alikho phesheya kwezilwandle, ukuze umuntu angafinyeleli kulo
Liseduze kakhulu nawe
Lisemlonyeni wakho
Lisenhliziyweni yakho
• Ekuqaleni wayekhona uLizwi, uLizwi wayekuNkulunkulu, uLizwi wayenguNkulunkulu. ...ULizwi waba yinyama, wakha phakathi kwethu, sabona inkazimulo yakhe, inkazimulo njengeyozelwe yedwa kuYise, egcwele umusa neqiniso. Johane 1:1, 14
• Kepha waphendula wathi: “Kulotshiwe ukuthi: "Akusinkwa sodwa umuntu ayakuphila ngaso kodwa ngamazwi onke aphuma emlonyeni kaNkulunkulu." Mathewu 4:4
• Enhliziyweni yami ngiyalonda izwi lakho, ukuze ngingoni kuwe. AmaHubo 119:11
• Nina senihlanzekile ngezwi engilikhulume kinina. Johane 15:3
• Ukwambulwa kwamazwi akho kuyakhanyisa, yebo, kuyabaqondisa abangenalwazi. AmaHubo 119:130
• Khuthalela ukuba uziveze uthembekile kuNkulunkulu, isisebenzi esingenamahloni, esiqondisa kahle izwi leqiniso. 1 Thimothewu 2:15
Ngiyabonga Ngokufunda Lama-vesi
UNkulunkulu Anibusise
Siphinde Sihlangane Ngokuzayo!
Nice Post, I will upvote you!
If you want more votes you
about Upvote exchange and other things!
Thank you
4.83% @pushup from @veejay
This post has received a 4.88 % upvote from @boomerang.
THANKS... YOUR VISIT....
Thank you